21 Izindebe zolungileyo ziyondla abaningi,kepha iziwula ziyafa ngokuswela ingqondo.
22 Isibusiso sikaJehova siyacebisa;akenezeli usizi kuso.
23 Ukwenza okubi kunjengokudlala kuso isiwula;kunjalo ukuhlakanipha kumuntu onengqondo.
24 Akwesabayo omubi kuyamehlela,nabakufisayo abalungileyo bayakuphiwa.
25 Lapho sidlula isivunguvungu,akasekho omubi,kepha olungileyo uyisisekelo esingunaphakade.
26 Njengoviniga emazinyweni nomusi emehlweni,linjalo ivila kwabalithumileyo.
27 Ukumesaba uJehova kuyandisa izinsuku,kepha iminyaka yababi iyancishiswa.