26 Njengoviniga emazinyweni nomusi emehlweni,linjalo ivila kwabalithumileyo.
27 Ukumesaba uJehova kuyandisa izinsuku,kepha iminyaka yababi iyancishiswa.
28 Ithemba labalungileyo liyakuba yintokozo,kepha abakwethembayo ababi kuyakubhubha.
29 Indlela kaJehova iyinqaba kopheleleyo,kepha incithakalo ikubenzi bokona.
30 Olungileyo akayikunyakaziswa kuze kube phakade,kepha ababi abayikuhlala ezweni.
31 Umlomo wolungileyo uyathela ukuhlakanipha,kepha ulimi oluphambeneyo luyakunqunywa.
32 Izindebe zolungileyo ziyakwazi okuhle,kepha umlomo wababi okuphambeneyo.