8 Ohlakaniphile ngenhliziyo uyakwamukela imiyalo,kepha isiwula esiphoshozayo siyakuwiswa.
9 Ohamba ngobuqotho uhamba ngokulondeka,kepha ohlanekezela izindlela zakhe uyakwaziwa.
10 Oqwayiza iso ubanga usizi,kepha osola ubuso nobuso uveza ukuthula.
11 Umlomo wolungileyo ungumthombo wokuphila,kepha umlomo wababi ufihla ubudlwangudlwangu.
12 Inzondo iyabanga ukuxabana,kepha uthando luyasibekela iziphambeko zonke.
13 Ezindebeni zoqondileyo kufunyanwa ukuhlakanipha,kepha uswazi lungolomhlane wongenangqondo.
14 Abahlakaniphileyo bayabekelela ukwazi,kepha umlomo wesiwula uyincithakalo eseduze.