12 Odelela umakhelwane wakhe akanakuhlakanipha,kepha umuntu onengqondo uyazithulela.
13 Ohamba encetheza uyambula izimfihlakalo,kepha othembekile emoyeni uyayisibekela indaba.
14 Lapho kungekho iziluleko,abantu bayawa,kepha lapho kukhona abeluleki abaningi,lapho kukhona ukuphumelela.
15 Uyahlupheka nokuhlupheka omela umfokazi,kepha ozonda ukunika isibambiso ulondekile.
16 Owesifazane onomusa uzuza udumo,nezidlwangudlwangu zizuza ingcebo.
17 Umuntu onesihawu wenzela okuhle umphefumulo wakhe,kepha ononya uhlupha inyama yakhe.
18 Omubi uthola inzuzo yenkohliso,kepha ohlwanyela ukulunga unomvuzo oqinisekileyo.