2 Lapho kufika ukuziqhenya,kufika nehlazo;kepha kwabathobekileyo kukhona ukuhlakanipha.
3 Ukuphelela kwabaqotho kuyabahola,kepha ukuphambanisa kwabambuluzayo kuyabachitha.
4 Ingcebo ayisizi ngosuku lolaka,kepha ukulunga kophula ekufeni.
5 Ukulunga kopheleleyo kuqondisa indlela yakhe,kepha omubi uyakuwa ngobubi bakhe.
6 Ukulunga kwabaqotho kuyabophula,kepha abambuluzayo babanjwa ezifisweni zabo.
7 Akwethembayo umuntu omubi kuyaphela ekufeni kwakhe,nethemba lobubi liyabhubha.
8 Olungileyo uyakhululwa osizini,kepha omubi ungena esikhundleni sakhe.