20 Abanhliziyo ephambeneyobayisinengiso kuJehova,kepha abapheleleyo endleleni yabo bayintokozo kuye.
21 Impela omubi akayekwa,kepha inzalo yabalungileyo iyakhululwa.
22 Njengendandatho yegolide empumulweni yengulube,unjalo owesifazane omuhle ongenangqondo.
23 Isifiso sabalungileyo singokuhle kuphela;ithemba lababi lilulaka.
24 Ukhona ohlakazayo;nokho uyenezelwa kakhulu;kepha ogodla kunokufaneleyo ubangelwa ukuswela kuphela.
25 Umphefumulo ophanayo uyakukhuluphaliswa;ophuzisayo uyakuphuziswa naye.
26 Ogodla amabele,abantu bayamqalekisa,kepha isibusiso siyakuba sekhanda lothengisa ngawo.