22 Njengendandatho yegolide empumulweni yengulube,unjalo owesifazane omuhle ongenangqondo.
23 Isifiso sabalungileyo singokuhle kuphela;ithemba lababi lilulaka.
24 Ukhona ohlakazayo;nokho uyenezelwa kakhulu;kepha ogodla kunokufaneleyo ubangelwa ukuswela kuphela.
25 Umphefumulo ophanayo uyakukhuluphaliswa;ophuzisayo uyakuphuziswa naye.
26 Ogodla amabele,abantu bayamqalekisa,kepha isibusiso siyakuba sekhanda lothengisa ngawo.
27 Ofuna okuhle ufuna okwamukelekayo,kepha ofuna okubi, kuyakumehlela.
28 Owethemba ingcebo yakhe uyakuwa,kepha abalungileyo bayakuhluma njengamaqabunga aluhlaza.