23 Isifiso sabalungileyo singokuhle kuphela;ithemba lababi lilulaka.
24 Ukhona ohlakazayo;nokho uyenezelwa kakhulu;kepha ogodla kunokufaneleyo ubangelwa ukuswela kuphela.
25 Umphefumulo ophanayo uyakukhuluphaliswa;ophuzisayo uyakuphuziswa naye.
26 Ogodla amabele,abantu bayamqalekisa,kepha isibusiso siyakuba sekhanda lothengisa ngawo.
27 Ofuna okuhle ufuna okwamukelekayo,kepha ofuna okubi, kuyakumehlela.
28 Owethemba ingcebo yakhe uyakuwa,kepha abalungileyo bayakuhluma njengamaqabunga aluhlaza.
29 Okhathaza indlu yakhe uyakudla ifa lomoya,nesiwula siyakuba yinceku yonenhliziyo ehlakaniphileyo.