28 Owethemba ingcebo yakhe uyakuwa,kepha abalungileyo bayakuhluma njengamaqabunga aluhlaza.
29 Okhathaza indlu yakhe uyakudla ifa lomoya,nesiwula siyakuba yinceku yonenhliziyo ehlakaniphileyo.
30 Isithelo solungileyo singumuthi wokuphila,nohlakaniphileyo uyazuza imiphefumulo.
31 Bheka, olungileyo uyavuzwa emhlabeni;kakhulu kangakanani omubi nesoni.