7 Akwethembayo umuntu omubi kuyaphela ekufeni kwakhe,nethemba lobubi liyabhubha.
8 Olungileyo uyakhululwa osizini,kepha omubi ungena esikhundleni sakhe.
9 Ngomlomo umuntuongenaNkulunkulu ubulala umakhelwane wakhe,kepha abalungileyo bayakhululwa ngokwazi.
10 Nxa abalungileyo behlezi kahle,umuzi uyathokoza;lapho bebhubha,kukhona ukwenanela.
11 Ngesibusiso sabaqotho umuzi uyaphakanyiswa,kepha ngomlomo wababi uyachithwa.
12 Odelela umakhelwane wakhe akanakuhlakanipha,kepha umuntu onengqondo uyazithulela.
13 Ohamba encetheza uyambula izimfihlakalo,kepha othembekile emoyeni uyayisibekela indaba.