8 Olungileyo uyakhululwa osizini,kepha omubi ungena esikhundleni sakhe.
9 Ngomlomo umuntuongenaNkulunkulu ubulala umakhelwane wakhe,kepha abalungileyo bayakhululwa ngokwazi.
10 Nxa abalungileyo behlezi kahle,umuzi uyathokoza;lapho bebhubha,kukhona ukwenanela.
11 Ngesibusiso sabaqotho umuzi uyaphakanyiswa,kepha ngomlomo wababi uyachithwa.
12 Odelela umakhelwane wakhe akanakuhlakanipha,kepha umuntu onengqondo uyazithulela.
13 Ohamba encetheza uyambula izimfihlakalo,kepha othembekile emoyeni uyayisibekela indaba.
14 Lapho kungekho iziluleko,abantu bayawa,kepha lapho kukhona abeluleki abaningi,lapho kukhona ukuphumelela.