15 Indlela yesiwula ilungile emehlweni aso,kepha ohlakaniphileyo ulalela iziluleko.
16 Ukukhathazeka kwesiwula kuyaziwa ngosuku,kepha oqondileyo uyasibekela ihlazo.
17 Ophefumula iqiniso ulanda ngokulunga,kepha ufakazi wamanga ngenkohliso.
18 Bakhona abaphahluka njengokuhlaba kwenkemba,kepha izilimi zabahlakaniphileyo ziyimpiliso.
19 Indebe yeqiniso iyakuma kuze kube phakade,kepha ulimi lwamanga lungolomzuzwana nje.
20 Inkohliso isezinhliziyweni zabaceba okubi,kepha abaluleka ukuthula,kubona kukhona intokozo.
21 Olungileyo akayikwehlelwa nangokukodwa okubi,kepha ababi bayakugcwala ububi.