18 Bakhona abaphahluka njengokuhlaba kwenkemba,kepha izilimi zabahlakaniphileyo ziyimpiliso.
19 Indebe yeqiniso iyakuma kuze kube phakade,kepha ulimi lwamanga lungolomzuzwana nje.
20 Inkohliso isezinhliziyweni zabaceba okubi,kepha abaluleka ukuthula,kubona kukhona intokozo.
21 Olungileyo akayikwehlelwa nangokukodwa okubi,kepha ababi bayakugcwala ububi.
22 Izindebe zamanga ziyisinengiso kuJehova,kepha abenza iqiniso bayintokozo yakhe.
23 Umuntu oqondileyo uyafihla ukwazi,kepha izinhliziyo zeziwula zimemeza ubuwula.
24 Isandla sabakhutheleyo siyakubusa,kepha izidenge ziyakuphoqelwa umsebenzi.