8 Umuntu uyadunyiswa ngokokuhlakanipha kwakhe,kepha ophambene ngenhliziyo uyadelelwa.
9 Odelelwayo eyinceku udlula ozidumisayo eswele ukudla.
10 Olungileyo uyakunaka ukuphila kwesilwane sakhe,kepha isihhe sababi silunya.
11 Olima insimu yakhe uyakusutha ngokudla,kepha olandela amayiyane akanangqondo.
12 Ishinga lifisa impango yababi,kepha impande yabalungileyo iyathela.
13 Ngokuphambeka kwezindebe kukhona ugibe lomubi,kepha olungileyo uyaphuma ekuhluphekeni.
14 Umuntu uyasutha ngokuhle ngesithelo somlomo wakhe,nemisebenzi yezandla zomuntu iyabuyela kuye.