19 Isifiso esigcwalisiweyo simnandi emphefumulweni,kepha ukudeda ebubini kuyisinengiso kuzo iziwula.
20 Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha,kepha umngane weziwula uyakushoshozelwa yizo.
21 Ububi bulandela izoni,kepha abalungileyo bavuzwa ngokuhle.
22 Olungileyo ushiyela abantwana babantwana bakhe ifa,kepha ingcebo yesoni ibekelelwa olungileyo.
23 Emqathweni wabampofu kukhona ukudla okuningi,kepha kukhona okuchithwa ngenxa yokungalungi.
24 Oyeka uswazi uyazonda indodana yakhe,kepha oyithandayo uyayilaya ngesineke.
25 Olungileyo uyadla uze usuthe umphefumulo wakhe,kepha isisu sababi siyaswela.