2 Umuntu uyadla okuhle ngesithelo somlomo wakhe,kepha umphefumulo wabambuluzayo uyadla ubudlwangudlwangu.
3 Olinda umlomo wakhe ugcina ukuphila kwakhe;okhamisa izindebe zakhe uyakuba nencithakalo.
4 Umphefumulo wevila uyafisa,ungatholi lutho,kepha imiphefumulo yabakhutheleyo iyakhuluphaliswa.
5 Olungileyo uyazonda amazwi amanga,kepha omubi ubanga amahloni,ahlazise.
6 Ukulunga kuyamlondoloza ondlela yakhe iphelele,kepha ububi buyachitha isoni.
7 Kukhona ozishaya ocebileyo,engenalutho kodwa;kukhona ozishaya ompofu,enemfuyo enkulu.
8 Ihlawulo lokuphila komuntu liyingcebo yakhe,kepha ompofu akezwa ukukhuzwa.