8 Ihlawulo lokuphila komuntu liyingcebo yakhe,kepha ompofu akezwa ukukhuzwa.
9 Ukukhanya kwabalungileyo kuyathokoza,kepha izibani zababi ziyacimeka.
10 Ngokuziqhenya kuvela ukuxabana kuphela,kepha kwabalulekwayo kukhona ukuhlakanipha.
11 Imfuyo etholakala kalula iyancipha,kepha obutha kancane kancane uyandiselwa.
12 Ithemba elilitshazisiweyo ligulisa inhliziyo;isifiso esigcwalisiweyo singumuthi wokuphila.
13 Odelela izwi uzehlisela ukubhujiswa,kepha owesaba imiyalo uyakuvuzwa.
14 Ukufundisa kohlakaniphileyo kungumthombo wokuphila,ukuze kudedwe ezihibeni zokufa.