1 Owesifazane ohlakaniphileyo uyakha indlu yakhe,kepha oyisiwula uyayidiliza ngezandla zakhe.
2 Ohamba ngobuqotho uyamesaba uJehova,kepha ophambanisa izindlela zakhe uyamdelela.
3 Emlonyeni wesiwula kukhona induku yokuziqhenya kwaso,kepha izindebe zabahlakaniphileyo ziyabalondoloza.
4 Lapho kungekho khona izinkomo,umkhombe awunalutho,kepha inzuzo inkulu ngamandla ezinkabi.
5 Ufakazi oqinisileyo akaqambi amanga,kepha ufakazi ongaqinisile uyaphafuza amanga.
6 Isideleli siyafuna ukuhlakanipha singakutholi,kepha ukwazi kulula koqondayo.
7 Suka phambi komuntu oyisiwula,ngokuba lapho awuboni izindebe zokwazi.