13 Nasekuhlekeni inhliziyo inobuhlungu,nokuphela kwentokozo kulusizi.
14 Ohlehla ngenhliziyo uyasutha ngezindlela zakhe,nomuntu omuhle ngemisebenzi yakhe.
15 Ongenalwazi uyakholwa ngamazwi onke,kepha oqondileyo uyaqaphela ukunyathela kwakhe.
16 Ohlakaniphileyo uyesaba,udeda ebubini,kepha isiwula siyaqhosha,singanaki lutho.
17 Isififane siyenza ubuwula,kepha umuntu wamasu unokuthula.
18 Abangenalwazi badla ifa lobuwula,kepha abaqondileyo baqheliswa ngokwazi.
19 Ababi bakhothama phambi kwabalungileyo,namashinga ngasemasangweni abalungileyo.