16 Ohlakaniphileyo uyesaba,udeda ebubini,kepha isiwula siyaqhosha,singanaki lutho.
17 Isififane siyenza ubuwula,kepha umuntu wamasu unokuthula.
18 Abangenalwazi badla ifa lobuwula,kepha abaqondileyo baqheliswa ngokwazi.
19 Ababi bakhothama phambi kwabalungileyo,namashinga ngasemasangweni abalungileyo.
20 Ompofu uyazondwa nangumakhelwane wakhe,kepha ocebileyo unabaningi abamthandayo.
21 Odelela umakhelwane wakhe uyona,kepha onomusa kwabampofu ubusisiwe.
22 Angithi bayaduka abaceba okubi na?Umusa neqiniso kuyakuba ngokwabaqamba okuhle.