23 Wonke umshikashika unenzuzo,kepha amazwi omlomo abanga ukuswela kuphela.
24 Umqhele wabahlakaniphileyo uyingcebo yabo,umgexo weziwula ungubuwula.
25 Ufakazi oqinisileyo uyophula imiphefumulo,kepha ophafuza amanga unenkohliso.
26 Ekumesabeni uJehova kukhona ithemba elinamandla;abantwana bakhe bayakuba nesiphephelo.
27 Ukumesaba uJehova kungumthombo wokuphila,ukuze kudedwe ezingibeni zokufa.
28 Udumo lwenkosi lungobuningi babantu,kepha ukuswela abantu kungukuchithwa kwesikhulu.
29 Owephuza ukuthukuthela unokuqonda okuningi,kepha isififane siyaphakamisa ubuwula.