30 Inhliziyo ezolileyo ingukuphila kwenyama,kepha umhawu ungukubola kwamathambo.
31 Ocindezela ompofu usola uMenzi wakhe,kepha onomusa koswelayo uyamdumisa.
32 Omubi uwiswa phansi ngobubi bakhe,kepha olungileyo unethemba ekufeni kwakhe.
33 Ukuhlakanipha kuhlezi enhliziyweni yonokuqonda,kepha phakathi kweziwula akwaziwa.
34 Ukulunga kuyaphakamisa isizwe,kepha ukona kuyihlazo kubantu.
35 Isisa senkosi sikuyo inceku enokuqonda,kepha intukuthelo yayo iyakuba kwehlazisayo.