5 Ufakazi oqinisileyo akaqambi amanga,kepha ufakazi ongaqinisile uyaphafuza amanga.
6 Isideleli siyafuna ukuhlakanipha singakutholi,kepha ukwazi kulula koqondayo.
7 Suka phambi komuntu oyisiwula,ngokuba lapho awuboni izindebe zokwazi.
8 Ukuhlakanipha koqondileyo kungukuqonda indlela yakhe,kepha ubuwula beziwula buyinkohliso.
9 Iziwula ziyadelela umnikelo wecala,kepha phakathi kwabaqotho wamukelekile.
10 Inhliziyo iyazi ubumunyu bayo;umfokazi akahlanganyeli intokozo yayo.
11 Indlu yababi iyachithwa,kepha itende labaqotho liyahluma.