13 Inhliziyo ethokozayo yenza ubuso bube buhle,kepha ngosizi lwenhliziyo uyachotshozwa umoya.
14 Inhliziyo yoqondileyo iyafuna ukwazi,kepha umlomo weziwula uyadla ubuwula.
15 Zonke izinsuku zohluphekayo zimbi,kepha onhliziyo yakhe yenamile unedili njalo.
16 Okuncane kanye nokumesaba uJehova kungconokunengcebo eningi kanye nokukhathazeka.
17 Isidlo semifino lapho kukhona uthando singconokunenkabi ekhuluphalisiweyo kanye nenzondo.
18 Umuntu ofuthayo uyavusa ukuxabana,kepha owephuza ukuthukuthela uthulisa ingxabano.
19 Indlela yevila injengothango lobobe,kepha umkhondo wabakhutheleyo ungumendo.