16 Okuncane kanye nokumesaba uJehova kungconokunengcebo eningi kanye nokukhathazeka.
17 Isidlo semifino lapho kukhona uthando singconokunenkabi ekhuluphalisiweyo kanye nenzondo.
18 Umuntu ofuthayo uyavusa ukuxabana,kepha owephuza ukuthukuthela uthulisa ingxabano.
19 Indlela yevila injengothango lobobe,kepha umkhondo wabakhutheleyo ungumendo.
20 Indodana ehlakaniphileyo iyajabulisa uyise,kepha umuntu oyisiwula uyadelela unina.
21 Ubuwula buyintokozo kongenangqondo,kepha umuntu oqondileyo uyaqondisa ukuhamba kwakhe.
22 Lapho kungekho khona ukululekana,amasu ayachitheka,kepha ngobuningi babeluleki ayakuma.