23 Umuntu uyathokoza ngokuphendula komlomo wakhe,nezwi ngesikhathi salo lihle kangakanani!
24 Kohlakaniphileyo indlela yokuphila iya phezuluukuba adede endaweni yabafileyo phansi.
25 Indlu yabaziqhenyayo uJehova uyayisiphula,kepha uyamisa umkhawulo womfelokazi.
26 Amacebo amabi ayisinengiso kuJehova,kepha amazwi acwebileyo ayamenamisa.
27 Ohahela inzuzo uhlupha indlu yakhe,kepha ozonda imivuzo uyakuphila.
28 Inhliziyo yolungileyo iyacabanga ukuphendula,kepha imilomo yababi iyaphafuza izinto ezimbi.
29 UJehova ukude nababi,kepha uyezwa imikhuleko yabalungileyo.