25 Indlu yabaziqhenyayo uJehova uyayisiphula,kepha uyamisa umkhawulo womfelokazi.
26 Amacebo amabi ayisinengiso kuJehova,kepha amazwi acwebileyo ayamenamisa.
27 Ohahela inzuzo uhlupha indlu yakhe,kepha ozonda imivuzo uyakuphila.
28 Inhliziyo yolungileyo iyacabanga ukuphendula,kepha imilomo yababi iyaphafuza izinto ezimbi.
29 UJehova ukude nababi,kepha uyezwa imikhuleko yabalungileyo.
30 Ukukhanya kwamehlo kuyathokozisa inhliziyo,nezindaba ezinhle ziyanonisa amathambo.
31 Indlebe elalela ukusola kokuphilaiyakuhlala phakathi kwabahlakaniphileyo.