28 Inhliziyo yolungileyo iyacabanga ukuphendula,kepha imilomo yababi iyaphafuza izinto ezimbi.
29 UJehova ukude nababi,kepha uyezwa imikhuleko yabalungileyo.
30 Ukukhanya kwamehlo kuyathokozisa inhliziyo,nezindaba ezinhle ziyanonisa amathambo.
31 Indlebe elalela ukusola kokuphilaiyakuhlala phakathi kwabahlakaniphileyo.
32 Onqaba ukulaywa udelela umphefumulo wakhe,kepha olalela ukusolwa uzuza ingqondo.
33 Ukumesaba uJehova kungukulaywa kokuhlakanipha;ukuthobeka kuyandulela udumo.