5 Isiwula siyadelela ukulaya kukayise,kepha onaka ukusolwa uyathola ukuqonda.
6 Endlini yolungileyo kukhona ingcebo eningi,kepha enzuzweni yababi kukhona ukuhlupheka.
7 Izindebe zabahlakaniphileyo ziyasakaza ukwazi,kepha izinhliziyo zeziwula azinjalo.
8 Umhlatshelo wababi uyisinengiso kuJehova,kepha umkhuleko wabaqotho uyintokozo yakhe.
9 Indlela yababi iyisinengiso kuJehova,kepha uyamthanda olandela ukulunga.
10 Ukulaywa kukhulu koyishiya indlela;ozonda ukusolwa uyakufa.
11 Indawo yabafileyo nokubhubha kuphambi kukaJehova;kakhulu kangakanani izinhliziyo zabantwana babantu.