1 Umuntu unamasu enhliziyweni,kepha impendulo yolimi ivela kuJehova.
2 Zonke izindlela zomuntu zimhlophe emehlweni akhe,kepha uJehova uyalinganisa imimoya.
3 Gingqela kuJehova imisebenzi yakho,ukuze kuqiniswe amasu akho.
4 UJehova wenzile konke kube nomgomo wakho;yebo, nomubi umenzele usuku olubi.
5 Bonke abazidlayo ngenhliziyo bayisinengiso kuJehova;impela abayikuyekwa.
6 Ngomusa neqiniso ukona kuyahlangulwa,nangokumesaba uJehova kudedwa ebubini.