12 Ukwenza okubi kuyisinengiso emakhosini,ngokuba isihlalo sobukhosi simiswa ngokulunga.
13 Izindebe ezilungileyo ziyintokozo yamakhosi;amazwi abaqotho ayawathanda.
14 Intukuthelo yenkosi injengezithunywa zokufa,kepha umuntu ohlakaniphileyo uyayidambisa.
15 Ekukhanyeni kobuso benkosi kukhona ukuphila,nesisa sayo sinjengefu lemvula yamuva.
16 Kungcono kangakanani ukuzuza ukuhlakanipha kunegolide;yebo, ukuzuza ukuqonda nga kukhethwa kunesiliva.
17 Umendo wabaqotho ungukudeda ebubini;oqaphela indlela yakhe ulondoloza umphefumulo wakhe.
18 Ukuzidla kuyandulela ukubhujiswa,nomoya oziqhenyayo wandulela ukuwa.