16 Kungcono kangakanani ukuzuza ukuhlakanipha kunegolide;yebo, ukuzuza ukuqonda nga kukhethwa kunesiliva.
17 Umendo wabaqotho ungukudeda ebubini;oqaphela indlela yakhe ulondoloza umphefumulo wakhe.
18 Ukuzidla kuyandulela ukubhujiswa,nomoya oziqhenyayo wandulela ukuwa.
19 Kungcono ukuba nomoyaothobekileyo kanye nabathobekileyo,kunokwabelana impango nabazidlayo.
20 Onakekela izwi uyakufumana okuhle,nowethembayo kuJehova ubusisiwe.
21 Ohlakaniphile ngenhliziyo uyakubizwa ngokuthi oqondileyo,nobumnandi bezindebe buyandisa imfundiso.
22 Ukuqonda kungumthombo wokuphila konakho,kepha ubuwula bungukulaywa kweziwula.