22 Ukuqonda kungumthombo wokuphila konakho,kepha ubuwula bungukulaywa kweziwula.
23 Inhliziyo yohlakaniphileyo iyafundisa umlomo wakhe,yenezele imfundiso ezindebeni zakhe.
24 Amazwi amahle anjengamakhekheba oju;amnandi emphefumulweni, ayimpiliso emathanjeni.
25 Kukhona indlela eqondile phambi komuntu,kepha ukuphela kwayo kuyizindlela zokufa.
26 Iphango lesisebenzi liyasisebenzela,ngokuba umlomo waso uyasiqhuba.
27 Umuntu omubi uphanda okubi,nasezindebeni zakhe kunjengomlilo ohlangulayo.
28 Umuntu ophambeneyo usakaza ukuxabana,nomncethezi wahlukanisa abahlobo.