25 Kukhona indlela eqondile phambi komuntu,kepha ukuphela kwayo kuyizindlela zokufa.
26 Iphango lesisebenzi liyasisebenzela,ngokuba umlomo waso uyasiqhuba.
27 Umuntu omubi uphanda okubi,nasezindebeni zakhe kunjengomlilo ohlangulayo.
28 Umuntu ophambeneyo usakaza ukuxabana,nomncethezi wahlukanisa abahlobo.
29 Umuntu oyisidlwangudlwangu uyenga umakhelwane wakhe,amhambise endleleni engenhle.
30 Ocimeza amehlo akhe uceba okuphambanisayo,noluma izindebe zakhe ufeza okubi.
31 Ubumpunga bungumqhele wodumo;bufumaniswa endleleni yokulunga.