26 Iphango lesisebenzi liyasisebenzela,ngokuba umlomo waso uyasiqhuba.
27 Umuntu omubi uphanda okubi,nasezindebeni zakhe kunjengomlilo ohlangulayo.
28 Umuntu ophambeneyo usakaza ukuxabana,nomncethezi wahlukanisa abahlobo.
29 Umuntu oyisidlwangudlwangu uyenga umakhelwane wakhe,amhambise endleleni engenhle.
30 Ocimeza amehlo akhe uceba okuphambanisayo,noluma izindebe zakhe ufeza okubi.
31 Ubumpunga bungumqhele wodumo;bufumaniswa endleleni yokulunga.
32 Owephuza ukuthukuthela muhle kuneqhawe,nobusa umoya wakhe kunonqoba umuzi.