29 Umuntu oyisidlwangudlwangu uyenga umakhelwane wakhe,amhambise endleleni engenhle.
30 Ocimeza amehlo akhe uceba okuphambanisayo,noluma izindebe zakhe ufeza okubi.
31 Ubumpunga bungumqhele wodumo;bufumaniswa endleleni yokulunga.
32 Owephuza ukuthukuthela muhle kuneqhawe,nobusa umoya wakhe kunonqoba umuzi.
33 Inkatho yenzelwa emathangeni,kepha ukwahlulela kwayo kungokukaJehova.