6 Ngomusa neqiniso ukona kuyahlangulwa,nangokumesaba uJehova kudedwa ebubini.
7 Lapho izindlela zomuntu zimthokozisa uJehova,uzenza nezitha zakhe ukuba zihlalisane kahle naye.
8 Okuncane kanye nokulunga kungconokunenzuzo enkulu kanye nokungalungi.
9 Inhliziyo yomuntu iceba indlela,kepha uJehova uyaqondisa izinyathelo zakhe.
10 Izimpendulo zikaNkulunkulu zisezindebeni zenkosi;umlomo wayo awuyikuphambuka ekwahluleleni.
11 Ukulinganisa nesilinganiso esilungileyo kungokukaJehova;zonke izisindo zasesikhwameni zingumsebenzi wakhe.
12 Ukwenza okubi kuyisinengiso emakhosini,ngokuba isihlalo sobukhosi simiswa ngokulunga.