8 Okuncane kanye nokulunga kungconokunenzuzo enkulu kanye nokungalungi.
9 Inhliziyo yomuntu iceba indlela,kepha uJehova uyaqondisa izinyathelo zakhe.
10 Izimpendulo zikaNkulunkulu zisezindebeni zenkosi;umlomo wayo awuyikuphambuka ekwahluleleni.
11 Ukulinganisa nesilinganiso esilungileyo kungokukaJehova;zonke izisindo zasesikhwameni zingumsebenzi wakhe.
12 Ukwenza okubi kuyisinengiso emakhosini,ngokuba isihlalo sobukhosi simiswa ngokulunga.
13 Izindebe ezilungileyo ziyintokozo yamakhosi;amazwi abaqotho ayawathanda.
14 Intukuthelo yenkosi injengezithunywa zokufa,kepha umuntu ohlakaniphileyo uyayidambisa.