14 Ukuqala kokuxabana kunjengokuvula amanzi;ngalokho yeka inkani, ingakashisi.
15 Othetha omubi nolahla olungileyobayisinengiso kuJehova bobabili.
16 Yini ukuba kube yimali esandlenisesiwula ukuthenga ukuhlakanipha,kungekho ukuqonda, na?
17 Umngane uthanda ngezikhathi zonke,nomzalwane uzalwa ekuhluphekeni.
18 Umuntu oswela ingqondo unikana nomunye izandla,abe yisibambiso phambi komakhelwane wakhe.
19 Othanda ukuxabana uthanda isiphambeko;owenza umnyango wakhe ukuba uphakame ufuna ukubhujiswa.
20 Onenhliziyo ephambeneyo akafumani okuhle;onolimi oluyisigwegwe uwela engozini.