16 Yini ukuba kube yimali esandlenisesiwula ukuthenga ukuhlakanipha,kungekho ukuqonda, na?
17 Umngane uthanda ngezikhathi zonke,nomzalwane uzalwa ekuhluphekeni.
18 Umuntu oswela ingqondo unikana nomunye izandla,abe yisibambiso phambi komakhelwane wakhe.
19 Othanda ukuxabana uthanda isiphambeko;owenza umnyango wakhe ukuba uphakame ufuna ukubhujiswa.
20 Onenhliziyo ephambeneyo akafumani okuhle;onolimi oluyisigwegwe uwela engozini.
21 Ozala isiwula kulusizi kuye;uyise wesiwula akathokozi.
22 Inhliziyo eyenamileyo iyikhambi elihle,kepha umoya owaphukileyo uyomisa amathambo.