17 Umngane uthanda ngezikhathi zonke,nomzalwane uzalwa ekuhluphekeni.
18 Umuntu oswela ingqondo unikana nomunye izandla,abe yisibambiso phambi komakhelwane wakhe.
19 Othanda ukuxabana uthanda isiphambeko;owenza umnyango wakhe ukuba uphakame ufuna ukubhujiswa.
20 Onenhliziyo ephambeneyo akafumani okuhle;onolimi oluyisigwegwe uwela engozini.
21 Ozala isiwula kulusizi kuye;uyise wesiwula akathokozi.
22 Inhliziyo eyenamileyo iyikhambi elihle,kepha umoya owaphukileyo uyomisa amathambo.
23 Omubi uyamukela umvuzo okhishwa esifubeniukuba aphambukise izindlela zokwahlulela.