7 Izindebe ezinobungcweti azifanele isiwula;kakhulu kangakanani umlomo wamanga isikhulu.
8 Isipho sinjengetshe elinqabileyo emehlweni omninilo:noma ebhekaphi, uyaphumelela.
9 Osibekela isiphambeko ufuna uthando,kepha onokondisa indaba wahlukanisa abahlobo.
10 Insolo ingena koqondileyokunemivimbo eyikhulu koyisiwula.
11 Omubi ufuna ukuhlubuka kuphela;ngalokho kuyakuthunyelwa kuye isithunywa esinonya.
12 Umuntu makahlangane nebhere* elaphuciwe amawundlu alokunesiwula ebuwuleni baso.
13 Ophindisela okuhle ngokubi,ububi abuyikusuka endlini yakhe.