13 Obuyisa izwi engakezwa,kungubuwula nehlazo kuye.
14 Umoya womuntu uyasekela ubuthakathaka bakhe,kepha ngubani ongathwala umoya owaphukileyo na?
15 Inhliziyo yoqondileyo iyazuza ukwazi,nezindlebe zabalungileyo ziyafuna ukwazi.
16 Isipho somuntu siyamenzela indawo,simholele kwabakhulu.
17 Ongowokuqala ecaleni lakhe usengathi ulungile,kepha umakhelwane wakhe ufika, amphenye.
18 Inkatho iyaqeda ukuxabana,yahlukanise phakathi kwabanamandla.
19 Umzalwane owoniweyo ulukhuni kunomuzi onamandla,nokuxabana kunjengemigoqo yenqaba.