19 Umzalwane owoniweyo ulukhuni kunomuzi onamandla,nokuxabana kunjengemigoqo yenqaba.
20 Isisu somuntu siyasutha ngesithelo somlomo wakhe,saneliswe ngokuthela kwezindebe zakhe.
21 Ukufa nokuphila kusemandleni olimi,nabaluthandayo bayakudla izithelo zalo.
22 Ofumana umfazi uthola okuhle;uzuzile isisa kuJehova.
23 Ompofu ukhuluma ngokuncenga,kepha isicebi siphendula kalukhuni.
24 Umuntu wabangane uyazilimaza,kepha kukhona abangane ababambelela kuneselamani.