6 Izindebe zesiwula ziletha ukuxabana,nomlomo waso ubiza imivimbo.
7 Umlomo wesiwula ungukubhujiswa kwaso,nezindebe zaso zilugibe lomphefumulo waso.
8 Amazwi omncethezi anjengezibiliboco;ayehlela kokuphakathi komuntu.
9 Ovilapha emsebenzini wakheyena ungumfowabo wochithayo.
10 Igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla;olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.
11 Imfuyo yesicebi ingumuzi waso onamandla;injengogange oluphakemeyo emicabangweni yaso.
12 Ngaphambi kokubhujiswa inhliziyo yomuntu iyaziqhenya;ukuthobeka kwandulela udumo.