20 Yizwa isiluleko, wamukele ukulaywa,ukuze uhlakaniphe ekugcineni.
21 Kukhona amacebo amaningi enhliziyweni yomuntu,kepha isiluleko sikaJehova siyakuma.
22 Ukuthandwa komuntu kubangwa ngumusa wakhe;ompofu ungcono kunomuntu wamanga.
23 Ukumesaba uJehova kungokokuphila;onakho uhlezi anelisiwe,akahanjelwa ngububi.
24 Ivila liyafaka isandla salo esitsheni;alisibuyiseli nasemlonyeni walo.
25 Shaya isideleli, ongenalwazi uyakuthola ukuqonda;sola oqondileyo, uyakuqonda ukwazi.
26 Ochitha uyise noxosha uninauyindodana ehlazisayo nebanga amahloni.