24 Ivila liyafaka isandla salo esitsheni;alisibuyiseli nasemlonyeni walo.
25 Shaya isideleli, ongenalwazi uyakuthola ukuqonda;sola oqondileyo, uyakuqonda ukwazi.
26 Ochitha uyise noxosha uninauyindodana ehlazisayo nebanga amahloni.
27 Yeka, ndodana yami,ukulalela ukulaywa,uyakuduka emazwini okwazi.
28 Ufakazi omubi uyadelela ukwahlulela;umlomo wababi uyagwinya ukona.
29 Izahlulelo zilungiselwa izideleli,nemivimbo umhlane weziwula.