4 Imfuyo iyenezela abangane abaningi,kepha ompofu uyashiywa ngumngane wakhe.
5 Ufakazi wamanga akayekwa,nophafuza amanga akayikusinda.
6 Baningi abancenga izikhulu;bonke bangabangane bomuntu wezipho.
7 Bonke abazalwane bompofu bayamzonda;kakhulu kangakanani abangane badedela kude naye;uyabaxosha ngamazwi,kepha awasekho.
8 Ozuza ukuqonda uthanda umphefumulo wakhe;ogcina ingqondo uyakufumana okuhle.
9 Ufakazi wamanga akayekwa,nophafuza amanga uyakubhubha.
10 Ukutamasa akufanele isiwula;kakhulu kangakanani akufanele ukuba inceku ibuse phezu kwezikhulu.