8 Ozuza ukuqonda uthanda umphefumulo wakhe;ogcina ingqondo uyakufumana okuhle.
9 Ufakazi wamanga akayekwa,nophafuza amanga uyakubhubha.
10 Ukutamasa akufanele isiwula;kakhulu kangakanani akufanele ukuba inceku ibuse phezu kwezikhulu.
11 Ukuhlakanipha komuntu kubambezela intukuthelo yakhe;kuludumo lwakhe ukudlula esiphambekweni.
12 Ukufutheka kwenkosikunjengokubhonga kwengonyama,kepha isihhe sayo sinjengamazolo etshanini.
13 Indodana eyisiwula iyinhlupheko kayise,nokuxabana komfazi kungukuconsa njalonjalo.
14 Indlu nemfuyo kuyifa elivela koyise,kepha umfazi ohlakaniphileyo uvela kuJehova.