6 Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha;emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda.
7 Uyabekela abaqotho isibusiso,uyihawu kwabahamba bengenacala,
8 egcina izindlela zokulunga,elondoloza imikhondo yabathembekileyo bakhe.
9 Khona uyakuqonda ukulunga nokwahlulela,neqiniso,yebo, nezindlela zonke ezinhle.
10 Ngokuba ukuhlakaniphakuyakungena enhliziyweni yakho,ukwazi kube mnandi emphefumulweni wakho.
11 Amasu ayakukulinda,ukuqonda kukugcine,
12 ukuze wophulwe endleleni yobubinakubantu abakhuluma okuphambeneyo,